Monday, April 28, 2008

ZULU

1801 - ZULU

NGIMELWE UKWENZANI UKUSA NGISINDISWE NA?

Arranged in the Very Words of Inspired Men

1. KHOLWA yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendly yakho (Izenzo 16:30,31). Kepha_ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthii ungumvuzi walabo abamfunayo (KumaHeberu 11:6). Kepha ongakholwayo uyakulahlwa (NgokukaMarku 16:16). Ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu. (NgokukaJohane 8:24) Kanj alo_ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho (EkaJakobe 2:17).

2. PHENDUKANI ... egameni (Izenzo 2:38). Kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke (NgokukaLuka 13:3,5). UNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke (Izenzo 17:30). Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni (Izenzo 1 1:18).

3. NGOMLOMO uyavuma kube_ngukusindiswa (KwabaseRoma 10:10). Ngokuba utna uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho u.kuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa (KwabaseRoma 10:9). Kepa lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika. phambi kukaBaba osezulwini (NgokukaMathewu 10:32). Wena unguKristu (NgokukaMathewu 16:16). Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu (Izenzo 8:37).

4. Okungukutlu ngombhapathizo (I KaPetn,i 3:21 ). Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa (NgokukaMarku 16:16). Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angene embusweni kaNkulunkulu (NgokukaJohane 3:5). Wasisindisa kungengamisebenzi uokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe_basha ngoMoya oNgcwele (Ku'Thithu 3:5).Yilowo nalowo abhapathizwe egameni lika Jesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu (Izenzo 2:38). Ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka rgameni lakhe (Izenzo 22:16). Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu (KwabaseGalathiya 3:27). Sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na (KwabaseRoma 6:3). Uyisidal esisha; okwakuqala kudlulile (II KwabaseKorinte 5:17).

5. SIHAMBE NGOKUQONDA, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulrsisikhathi samanje, sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle (KuThithu 2:12-14).

NIBAMBELELA EZIFLJNDISWENI, njengokuba naninika zona (I KwabaseKorinte 11:2).

UMUSA WENKOSI yethu uJesu Kristu mawube_nani nonke. Amen (Isambulo 22:21).

Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango (Isambulo 22:14).

Arranged by J.D. Phillips

-------------------------------------------------------------------------------

2869 - Zulu

Ngingakwazi Kanjani?

Izenzo 8:26-40

26. Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: "Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane."

27. Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopia, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;

28. Ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.

29. Umoya wathi kuFiliphu: "Sondela, unamathele kuleyo nqola."

30. Ufiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifundaumprofethi u-Isaya, wathi: "Uyakuqonda kambe lokhuokufundayo na?"

31. Yona yathi: "Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?" Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

32. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: "Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

33. Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanga ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa embhlabeni."

34. Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: "Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?"

35. Ufiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

36. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: "Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?"

37. Ufiliphu wathi kuye: "Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa." Waphendula wathi: "Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu."

38. Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.

39. Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

40. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

No comments: